UKUZALA NOKUNCELISA IBELE
Ukuncelisa ingane ibele kuyinto evamile, kodwa kungathatha isikhathi ukuthi wena nengane nikufunde.
NETHEZEKA.
Ingaphambili lomzimba wengane yakho mawuthinte ingaphambili lomzimba wakho.
Thintisa ingono yakho ngaphansi kwekhala lengane. Lokhu kusiza ingane ikhamise kakhulu. Sondeza umzimba womntwana eduze ngangokunokwenzeka ukusiza ukuba ingono ingene ngokujulile emlonyeni wengane.
Ukuncelisa ibele akufanele kulimaze.
NCELISA ZISUKA NAKANINGI.
Ezinsukwini ezimbalwa zokuqala umzimba wakho wenza “ubisi lokuqala” oluningi olubizwa nge-colostrum.
I-colostrum ivikela ingane ekuguleni futhi iza ngamanani amancane.
Beka ingane yakho incike kuwe, nintintane ngesikhumba. Lokhu kungasiza ingane ilincele kahle ibele.
Khuthaza ingane ukuthi incele ibele izikhathi ezingu-10 noma ngaphezulu emahoreni angu-24.
Ungenza ukuncelisa kube lula ebusuku ngokugcina ingane iseduze kwakho.
Lapho ingane yakho incela kaningi ibele, uyokwenza ubisi oluningi.
Ingane ivame ukuqeda ibele lokuqala bese iyeka ukuncela lapho isisuthi.
Yinike ibele lesibili. Izoncela nasebeleni lesibili uma isafuna.
INGABE INGANE ILAMBILE?
Uma ingane iqala ukunyakaza ngokwengeziwe, ishwiba futhi imunca izibhakela zayo, nikela ngesifuba sakho.
Ncelisa ingane yakho ibele ngaphambi kokuba iqale ukukhala – ukukhala kusho ukuthi ingane iphelelwa yithemba.
Ingane ingadinga ukuncela kakhulu ngezikhathi ezahlukene zosuku, ikakhulukazi kusihlwa. Lokhu kungenxa yokuthi ukuncela akukona ukudla kuphela. Kuvikela ingane yakho nasekuguleni futhi kuyenze izizwe iphephile.
Ngezinye izinsuku uzothola ukuthi ingane idinga ukuphuza kakhulu. Lokhu kujwayelekile – usuku ngalunye ngeke lufane ncamashi. Ngisho nabantu abadala bayaphuza futhi badle ngokwehlukile ngaso sonke isikhathi.
INGABE INGANE ITHOLA UBISI OLWANELE?
Kufanele ukwazi ukubona nokuzwa ingane yakho igwinya lapho incela.
Ngemuva kweviki lokuqala, ingane kufanele okungenani ibe namanabukeni angu-3 aphuzi angcolile namanabukeni angu-6 amanzi nsuku zonke.
Ingane kufanele ibuyele kusisindo sayo sokuzalwa ngezinsuku ezingu-7 kuya kwezingu-14 ngemuva kokuzalwa.
Izingane ezingalutholi ubisi olwanele, kungenzeka zingabi nawo amandla amaningi, ikakhulukazi uma zisongwe ngokuqinile ngezingubo zokulala. Uma ukhathazekile, vula ingane yakho bese uyibamba nixhumane ngesikhumba. Lokhu kuzoyikhuthaza ukuthi iphuze kangcono futhi ikhuluphale.
Uma ingane inganceli kahle ibele, ungakhama ubisi lwakho bese uyifunze usebenzisa isipuni noma inkomishi yepulasitiki.
INGABE INGANE IDINGA AMANZI NOMA OKUNYE UKUDLA?
Ingane yakho ayidingi amanzi noma okunye ukudla kuze kube izinyanga ezingu-6. Ukunikeza ingane encane amanzi kungenza ingane yakho iluphuze kancane ubisi lwebele. Lapho ingane iphuza ubisi oluncane, umzimba wakho uqala ukwenza ubisi oluncane.