top of page

UKUXHUMANA NGESIKHUMBA

Ukuxhumana ngesikhumba kuyindlela yokunakekela ingane yakho. Ingane igqoka inabukeni kuphela futhi ibanjwa ngokuphepha emabeleni akho. Omama bangenza bangaxhumana ngesikhumba nezingane lapho beqala ukuncelisa, becelisa okwesibili noma nganoma isiphi esinye isikhathi lapho wena noma ingane yakho nifuna.

 

UKUBAMBA INGANE YAKHO NIXHUMANE NGESIKHUMBA KUBALULEKILE NGOBA:

  • Kwenza ingane yakho izizwe iphephile.

  • Kukusiza ukuba wazi ingane yakho futhi kwandise nobudlelwano.

  • Kwenza wena nengane ninethezeke.

  • Kwandisa ubisi lwakho.

  • Kusiza izingane zikhuluphale.

  • Kusiza izingane zigcine ushukela wazo osegazini uvamile.

  • Kungayiduduza ingane ekhalayo.

  • Kusiza ukugcina izinga lokushaya kwenhliziyo yengane nokuphefumula kuqhubeka ngendlela evamile.

  • Kuyasiza ukugcina izinga lokushisa lengane yakho lizinzile, futhi uma unamawele, ukubamba iwele elilodwa ebeleni ngalinye kwenza ibele ngalinye lifudumale, njengoba nje iwele ngalinye lidinga.

  • Uma ingane yakho izalwe ngaphambi kwesikhathi noma iyincane kakhulu, ukuxhumana nayo ngesikhumba ngokuqhubekayo kuzoyisiza iphile.

  • Ukuxhumana ngesikhumba kuyasiza ukuqinisa ingane.

 

Nobaba bangaxhumana ngesikhumba nezingane!

 

KULUNGELE UKUXHUMANA NGESIKHUMBA

  • Khumula ihembe nebra. Khumula zonke izingubo zengane. Uyishiye nenabukeni kuphela.

  • Uma igumbi lipholile, ungasebenzisa ingubo nizemboze nobabili.

  • Beka ingane phakathi kwamabele akho – isifuba sengane kufanele sibe esifubeni sakho. Imilenze nezingalo zezingane zigobe, njengexoxo elincane.

  • Qiniseka ukuthi ingane iyakwazi ukuphefumula – isihlathi sengane esikhunjeni sakho. Inhloko yengane kufanele isondele ngokwanele ukuba ukwazi ukuyiqabula.

  • Hlala uncike esihlalweni noma embhedeni wakho. Kungabi nemicamelo noma izingubo eziningi eduze nengane.

 

UKUXHUMANA NGESIKHUMBA NGEKWABO BONKE ABAZALI NEZINGANE

Kuphephile yini? Yebo, uma wena nengane nisesimweni esifanele futhi kungekho ezinye izingubo noma imicamelo.

Ngingaxhumana yini ngesikhumba namawele? Yebo, ngengane ngayinye ebeleni ngalinye, usengakwazi ukuxhumana nawo ngesikhumba.

Kuthiwani uma ngingazizwa kahle? Yazisa othile uma ungazizwa kahle ngokwanele ukuthi ungabamba ingane yakho.

Kuthiwani uma ingane yami izalwa ngaphambi kwesikhathi? Ungaxhumana nayo ngesikhumba ukuze uyiqinise.

Kufanele ngiqale nini ukuxhumana nengane ngesikhumba? Ungaqala ngokushesha nje lapho ingane izelwe.

Ngingakwazi yini ukuxhumana nengane ngesikhumba uma isikhulile? Yebo, ukuxhumana ngesikhumba kubalulekile ngisho nasezinganeni ezindala.

Ingabe ukuxhumana ngesikhumba kungasiza ekwenzeni ubisi oluningi? Yebo, ukuxhumana ngesikhumba kungasiza ingane yakho izibambele eibele futhi incele kangcono. Uma ingane incela lapho nixhumene ngesikhumba, amabele akho azokwenza ubisi oluningi.

© 2025 by La Leche League South Africa. Read our Privacy Policy here. Read our PAIA Manual here.

  • Facebook Social Icon
MySchool button.png

All images and other materials posted on this site are subject to copyrights owned by La Leche League South Africa or other individuals.  Any reproduction, retransmission, distribution or republication of all or part of any images, and other materials found on this site is expressly prohibited, unless La Leche League South Africa or the copyright owner of the material has expressly granted its prior written consent.  All other rights reserved.  

bottom of page